
I-National Prosecuting Authority (NPA), iyasemukela isigwebo seminyaka ewu-35 esitholwe wuThabani Innocent Zulu (46) eNkantolo yesiFunda eVryheid.
UZulu uhlambulukile ngokuka-Section 112 of the Criminal Procedure Act, wavuma amacala amathathu okudlwengula, ukubamba inkunzi nokubamba inkunzi ngesihluku. Ummangalelwa nabagilwa babazana ngesikhathi sesigameko.
Phakathi kukaNovember 2010 no-April 2012, uZulu wahlasela abesifazane abathathu eVryheid wabashova ehlathini eNgome, wabadlwengula. Ezigamekweni ezimbili wayephethe isibhamu okuyisona owasisebenzisa ukubabamba inkunzi.
UZulu waphuca abagilwa amaselula, izikhwama nemali wabaleka. Abagilwa bavula amacala base bexilongwa wodokotela kwaqoqwa izinsalela zolibofuzo.UZulu wayelokhu egcwele izintaba kwaze kwaba wuJuly 2021, lapho aboshwa khona walahlwa ngecala lokubamba inkunzi izikhawu ezine wagwetshwa iminyaka ewu-15.
Ulibofuzo lwamyamanisa namacala enzeka eNgome. Kwahlolwa kabanzi ulibofuzo lwakhomba yena uZulu.UMshushisi uKwazikwakhe Theophilus Sibiya , ekhonga isigwebo esinzima, utshele inkantolo ukuthi umdlwenguli ucekele phansi isithunzi sabagilwa, umzimba wabo nelungelo labo langasese.
Uthe isenzo sikaZulu sokugila imikhuba ebe esaqedela esinye isigwebo sikhomba ukuthi akawuhloniphi umthetho. Inkantolo inikwe nemibiko kadokotela, ulibofuzo nesiqinisekiso salokho okwatholwa kummangalelwa ehlolwa.Inkantolo igwebe ummangalelwa ngaphandle kokuchezuka kwizigwebo ezibekiwe.
UZulu ugwetshwe kanje :Iminyaka ewu-10 ngecala ngalinye lokudlwengula, iminyaka ewu-15 ngokubamba inkunzi ngesihluku neminyaka emihlanu ngokuphanga ngaphandle kwesihluku.Inkantolo inqume ukuthi ezinye izigwebo azidonse kanyekanye nokuchaza ukuthi kuzoba iminyaka ewu-35. Inkantolo ithe uZulu akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu. Inkantolo inqume ukuthi igama lakhe lifakwe ohlwini lwabanukubeza ngokocansi.
Lokhu kungumphumela wohlelo lwe-NPA olubizwa nge-Serial Rapist Prioritisation Initiative, oluholwa wuphiko lwe-Sexual Offences and Community Affairs ibambisene ne-SAPS Serial Electronic and Communication Investigative Unit.
Lolu hlelo lugxile ekuhlonzeni, ukuphenya nokushushisa abadlwengula bephindelela ezweni lonke.I-National Prosecuting Authority, iyakwemukela ukuphothulwa kodaba futhi inethemba lokuthi isigwebo sizoxwayisa nabanye.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
