
Kushone umuntu oyedwa kwathi abanye balimala kanzima engozini enyantisayo eyenzeke kuSteve Biko Road ePitoli izolo ebusuku.
“Sesiside isikathi sihlale sikhala ngalento yemijaho engaphephile, nokuhudula izimoto kwalabafana” kusho ilunga lomphakathi elingafunanga ujusalulwa.
Umphakathi uthi sekumesikhathi ukhathazeka mayelana nemijaho yokudonsa ngokungemthetho kule ndawo.
Le ngozi kukholakala ukuthi ihlobene nemijaho yokudonsa nokuhudula izimoto (drag racing). Abezimo eziphuthumayo baphuthume endaweni yesigameko, kodwa isisulu esisodwa satholakala ukuthi sesishonile, kwathi abalimele baphuthunyiswa ezibhedlela eziseduze ukuze bathole ukwelashwa. Amaphoyisa aseqale uphenyo mayelana nezimo ezenzeke kule ngozi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
