Uwundaba mlonyeni owaphekwa iShayamoya Academy

SIWE SHOZI |

Sebemthatha njengesihlabani ebholeni lezinyawo ogwini uSiphesihle Jeza odume ngelika”Bajove” ongowokuzalwa ePort Shepstone, eMthwalume.

UJeza (20) udlala phambili eqenjini iSiwelele FC, ufike ezodlala kwiDstv Diski Challenge (DDC) yeqembu. Kulezinsuku ubonakala ethola ijezi eqenjini elikhulu nafike khona wagila ezibukwayo benqoba Amakhosi ngo 2-0, Kafushane ngo “Bajove” njengoba egijima kuleli qembu laseFree State, ubedlala kwiShayamoya Academy yasogwini kanti bazothi bethole ithuba lokuyodlala imidlalo yeBayhill tournament eKapa wafika wavundululwa iSuperSport United, kuthe mayifakwa ezimakethe waba omunye wabadlali ababuyela kwiSiwelele FC.

Njengoba esevela kumabonakude, uthi ibhola uliqale esikoleni waphinde wadlala nakwelinye iqembu langakubo iTurton Spurs, ube eseqinisekisa nezindaba zokuthi impela igama lakhe lizolokhu livela eqenjini elikhulu leSiwelele FC.

Uveze nokuthi ujabule kakhulu ngethuba ikakhulukazi njengoba ewu mfanyana omncane oziphumela endaweni yasemakhaya, uzimisele nangokusebenza ngokuzikhandla ukuze lingehli izinga adlala ngalo.

“Kule midlalo esele bengifuna ukuthi sithole amaphuzu agcwele yize kuzoba umqansa, futhi nangesizini ezayo ngiyafisa ukuqhubeka ngibe ingxenye yeSiwelele, sidlale imidlalo yeligi nemiqhudelwano ebakhona kwiBetway Premiership” kusho uJeza Uphethe ngokuthi ubukela kuSamkelo Maseko weDurban City FC, wabalula nokuthi njengoba usesemehlweni abantu akumele lokho akufake ekhanda, nodumo akumele lumngene kakhulu lizomlimaza usazoqhubeka nokuba ilomuntu abewuyena ngaphambilini.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.