
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uThamisanqa Ntuli ubongele iDurban City FC ngokunqoba umqhudelwano womkhumulajezi iNedbank Cup.IDurban City FC yehlule iTS Galaxy kowamanqamu ngamagoli amabili kwelilodwa, kumdlalo obubanjelwe ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
“Ukunqoba kweDurban City FC kukhombisa ngokusobala ukuthi isifundazwe iKwaZulu-Natal singabanqobi. Lokhu kuqale ekuqaleni konyaka lapho lesifundazwe siziwaqwade zonke emakhanda kwimiphumela kumatikuletsheni, nakwezemidlalo senza kahle kakhulu” kusho uNtuli.
UNtuli uphinde wachaza ukunqoba kweDurban City FC njengokuziqhenya okukhulu kubo bonke abantu baKwaZulu-Natal. “Lokhu kunqoba akukona okwabadlali kuphela, ithimba lezobuchwepheshe, nabaphathi beDurban City FC, kodwa okwawo wonke umuntu wakulesifundazwe”.
Uphinde wancoma abadlali, ithimba labaqeqeshi, abaphathi, nabalandeli ngokuzinikela kwabo okube neqhaza elikhulu empumelelweni yeqembu. Imizamo yabo ngokuhlanganyela ayigcinanga ngokuletha inkomishi kulesi sifundazwe, kodwa iphinde yaphakamisa ibhola likanobhutshuzwayo KwaZulu-Natal.
Ephetha uthe: “Ezemidlalo KwaZulu-Natal zisewumthombo onamandla wokubumbana komphakathi, ukukhuthaza intsha, nokuthuthukisa umnotho”.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
