
Ngu: Alfred Ngubane |
I-Durban City inqobe iNedbank Cup ngesikhathi ishaya iTS Galaxy ngo 2-1 yaqeda nesomiso seminyaka engu 17 sokuntula izinkomishi emaqenjini aKwaZulu-Natal.
UPitso Dladla oyibamba lomqeqeshi we Durban City unqobe lenkomishi ngabadlali abanganawo amava njengoba kade bedlala kuMotsepe Foundation League ngesizini edlule, Bafike babuyanayo inkomishi yeNedbank Cup ePeter Mokaba Stadium.
Lamaqembu aqale umdlalo ngamandla kuhlasela kakhulu iDurban City kodwa ingafiki emapalini eTS GalaxyKuthe ngomzuzu ka 43 iGalaxy ithole igoli nelibe ngumkhonto ogwaze ekhaya lishaywa ngu-Jean Lwamba. Isikhathi esiningi lamaqembu abelilahla ibhola enkabeni yesisu nokudale amaphutha amaningi emdlalweni.
Ngesiwombe sesibili ibuye ngamandla iDurban City FC yathola igoli elishaywe nguMfanafuthi Mkhize ngomzuzu ka 58, iqhubekile yahlasela ngamandla iDurban City FC yagcina ngokulithola igoli lokunqoba lomdlalo livalelwe ngu Jean Lwamba ngomzuzu ka 71.
Abafana bakaNtshebe uFarouk Kadodia baqophe umlando omusha ebholeni lakuleli ngokuba yiqembu lesibili elingomakoti bePSL ukunqoba inkomishi belandela iMagesi FC eyanqoba inkomishi yeCarling Black Label Knockout. Emva kokunqoba iDurban City, izodlala kuCAF Confederation Cup ngesizini ezayo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
