
SIWE SHOZI |
Sekungu mlando ukuthi iKruger United FC yaseMpumalanga beyidlala esigabeni seMotsepe Foundation Championship njengoba seyizodlala imidlalo esele yazi kahle ukuthi ngesizini ezayo iyoqhudelana namaqembu akwiBetway Premiership.
Khona kuqale kwangacaca ukuthi iliphi iqembu elizonyuka ngoba abemahlanu amaqembu akade esembangweni futhi wonke abezimisele kodwa ngesimo sokuthi kumele abe yedwa ushampeniIKruger United ayifunanga ukugoba uphondo, igcine iwabhincisele nxanye wonke amaqembu abeyizimbangi futhi wonke umlandeli webhola ubesebona ukuthi izomuka naso lesi sicoco iKruger United.
Emdlalweni wabo namuhla bebebhekene neBlack Leopards, bayiguqisa ngo 3-1, kanti okumangaza abalandeli bebhola ukuthi alikabi no mlando otheni ebholeni leli qembu ngoba lisungulwe ngo2023, ladlala kwi-ABC Motsepe League yaseMpumalanga.
Ngesizini yalo yokuqala libe oshampeni layomela isifundazwe emidlalweni yokuhlungela ukungena kwiMotsepe Foundation Championship lafike lawina lazongena kuyona iMotsepe Foundation Championship.
Ngesizini ka2024/25 lifike laba nesizini enhle futhi ngoba liqede kunombolo-5, kulesizini nali futhi selivele ligila izimanga linyukela kwiBetway Premiership.Okwehlele iKruger United akujwayelekile neze ebholeni, futhi abalandeli bathi abazimisele ngokulibona lingenzi kahle seligcina ligawulwa izembe emuva komsebenzi omkhulu kangaka futhi balithatha njenge qembu elinenhlanhla.
Imiphumela yeMotsepe Foundation Championship namuhla:Kruger United 3-1 Black Leopards Milford 2-1 The Bees FCHungry Lions 0-0 Upington City Ama Tuks 0-1 Gomora FC
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
