
Alfred Ngubane |
USihlalo woMsinga United uWelcome Mpanza uyivumile induku njenge ndoda ngesikhathi iqembu lakhe lihluleka ekugcineni ukunqoba uStream B we-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal. Kulo munxa kugcine kunqoba uMkhambathi FC.
UMpanza ubonge abalandeli boMsinga United nabazali babadlali ngokubanika lelithuba. Uphinde waveza ukuthi manje bazogxila kowamanqamu weMathemba Cup. Bekumele kuvele umkhanya ukuthi ngobani ompetha bakuStream A noStream B KwaZulu-Natal. Amaqembu agcine ehleli phezulu uMkhambathi noMvoti FC.
UMvoti unqobe kuStream A. UMvoti FC uzodlala noMkhambathi FC emdlalweni wokuhlunga wesifundazwe saKwaZulu Natal. Iqembu elizonqoba lapho lizoyomela lesifundazwe saKwaZulu Natal emdlalweni yokuhlungela ABC Motsepe League kazwelonke.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
