Iyakude iCeltic United Academy ngebhola

Ngu: Alfred Ngubane |

Osomabhizini baseWoodlands eMgungundlovu basungule iqembu lebhola ngenhloso yokuqoqa intsha ewuvanzi. Leli qembu iCeltic United Academy elizosebenza sasikhungo sebhola lisungulwe uGerald Banjo noKwenza Thusi.

UBanjo waqala leliqembu ngakubo ngenxa yokubona intsha inguvanzi yehla yenyuka nemigwaqo, ibhema nezidakamizwa. Waqhamuka nesu elingcono lokuhlanganisa lentsha ngokuthi idlale ibhola.

Ubesecela umngani wakhe omkhulu uKwenza owayengumshayeli wama -ambulance eMgungundlovu kodwa namuhla usengusomatekisi ngaphansi kweSantaco ukuthi basebenzisane. Ngempela uKwenza walibamba ngazozombili lelithuba njengoba waqala wathola abafana abadlala ibhola wabasondeza eduze.

UKwenza udabuka eMdlovane endaweni yaseNtembisweni bude budeze noMbuba. Unxusa abanye osomabhizini nosonhlalakahle ukuba babambe iqhaza kuleli qembu ngoba bayabadinga kakhulu ukuze kiqedwe inkinga yentsha ewuvanzi ephinde idle izidakamizwa.

ICeltic United Academy inabadlali abaneminyaka engaphansi kuka 7, 9, 11, 13, 15 no-17.Kukhona abadlali abadlala kuSAB Castle League neHollywood Bet League. Uthe banenhloso yokukhuphula leliqembu liye ku-ABC Motsepe League Motsepe ngaphambi kokuthi linyukele kuMotsepe Foundation League.

Lisalelwe yimidlalo embili yeHollywood Bet League kumanje lihlezi phezulu ngamaphuzu angu 45 ,mangabe linqoba lemidlalo lizodlala imidlalo yokuhlunga yeHollywood Bet League ezokhipha inkuzi eyodwa ezomela uMgungundlovu District. Leliqembu linaneqemba labesifazane iCeltic United Academy Ladies.

Kukhona abadlali abaphuma kuCeltic United Academy abadlala emaqenjini kaPSL njengo-Ayanda Zungu odlalela AmaZulu FC , kukhona nomunye umdlali ozoqala ngokuphela kwesizini ye Hollywood Bet League kuDurban City FC.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.