Kuyaphela ukuqagela ngeye-ABC Motsepe League eKZN namuhla

Ngu: Alfred Ngubane |

Kuzophela ukuqagela ukuthi yimaphi amaqembu azodla umhlanganiso kwi-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal njengoba namhlanje kudlalwa imidlalo yokugcina kwiligi.Kunemidlalo emine ebhekwe ngabomvu kuStream A lapho kuzotholana phezulu uMvoti FC no Mzinto United eKing Edward Park edolobheni eMdlovane.

UMvoti FC udinga iphuzu elilodwa ukuze uyodlala kowamanqamu emdlalweni yesifundazwe yokuhlunga ozonqoba kuStream A noStream B.Komunye umdlalo obhekwe ngamehlo abomvu yiqembu leNjampela FC ezotholana neHellenic FC eMthunzini Sports Ground.

Khona manjalo kuzoba nomdlalo onzima kakhulu phakathi koMsinga United neKwamashu Durban Knights eMzisho Stadium eMsinga. UMkhambathi FC uzodlala neYoung Eleven Elephants FC eMtshezi Sports Ground. KuStream A kuhlezi phezulu uMvoti FC ngamaphuzu angu 56 kulandele iNjampela FC ngamaphuzu angu 53.

KuStream B kuhlezi phezulu uMkhambathi FC ngamaphuzu angu 53 kulandele uMsinga United ngamaphuzu angu 51. Abaqeqeshi baphawulile ngemidlalo yokugcina.UDoctor Mkhonza woMvoti uthe umdlalo wabo noMzinto United ngeke bawuthathe kancane. USmart Ndlovu umqeqeshi woMsinga United uthi bazoqinisa kakhulu ngasemagolini ngoba engabasiza ekugcineni komdlalo.

Kuzophuma iqembu elilodwa elizoyomela isifundazwe saKwaZulu Natal emdlalweni kazwelonke ye-ABC Motsepe League lapho amaqembu azoba ebanga indawo yeMotsepe Foundation League.

USihlalo weSAFA KwaZulu-Natal uKwenzakwakhe Ngwenya wakusho kwagcwala umlomo ukuthi bafuna ukukhuphula iqembu liye kuMotsepe League kulesizini.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.