UMsinga United ushaye iChess emdlalweni obubalulekile eNewcastle

UMsinga United ushaye iChess emdlalweni obubalulekile eNewcastle

Ngu: Mduduzi Mbangayiya

UMsinga United ubhaxabule -iChess ngo 2-1 emdlalweni we-ABC Motsepe League eNewcastle. Njemanje uStream B awukacacisi ukuthi ngubani ozowunqoba phakathi koMkhambathi FC noMsinga United njengoba lamaqembu ehlukaniswe ngamaphuzu amabili.

UMsinga United uzodlalela ekhaya umdlalo wokugcina lapho uzotholana phezulu neKwamashu Durban Knights eMzisho Stadium ngoMgqibelo ngo 3 ntambama. Ngokusho komqeqeshi woMsinga United uSmart Ndlovu uthi bazodlala umdlalo wokugcina ekhaya neqembu elinzima kodwa badinga amaphuzu amathathu agcwele kulomdlalo ngoba badinga ukuqhubeka beyomela -isifundazwe saKwaZulu Natal emdlalweni kazwelonke ye-ABC Motsepe League.

Lomdlalo ngumdlalo ozoba ngumqamula juqu phakathi kwalamaqembu amabili asembangweni we-ABC Motsepe League Stream B phakathi koMsinga United no Mkhambathi FC. Khona manjalo, nakuStream B kusaminyene utshumo phakathi koMvoti FC neNjampela lamaqembu azodlala umdlalo wawo wokugcina ngoMgqibelo.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.