
Philasande Gumede |
Abasolwa abathathu bavele enkantolo yeMantshi yakwaDukuza emva ngokuboshwa ngezinsolo zokubulala abomndeni wakwaMonswamy abayiskhombisa. Labasolwa babhekene namacala amaningi okubalwa kuwo elokubulala, ukudlwengula kanye nelokutholakala nesikhali esingekho emthethweni.
Ummeli wabasolwa utshele inkantolo ukuthi abasolwa angeke besasifaka iscelo sebheyili. Kanti baphinde banqaba ukuthi kuvele ubuso babo kwabezindaba babeka ukuba bakhathazekile ngokuphepha kwabo.

Umshushisi uPaul Nel usamukele ngezandla ezimhlophe isiphakamiso sabasolwa wabe esesho ukuthi ubehlose ukuphikisana nokufakwa kwesicelo sebheyili enkantolo.
“Njengo mbuso besizofaka isicelo esizonqaba ukuba abasolwa bathole ibheyili, ” kusho uNel. Icala lihlehlisiwe, lizophinde liqulwe ngomhlaka 23 June 2026 kanti abasolwa bazogcinwa ezitokisini.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
