
I-ActionSA eLimpopo icele ukuthi kudalulwe imininingwane egcwele yokusetshenziswa kwezigidi ezingama-R80 okubikwa ukuthi zachithwa ekubuyiseleni emazweni abo abantu bokufika, abangena ngokungemthetho.
Lesi sicelo silandela ukudalulwa kokuthi i-Border Management Authority (BMA) isasize ukubuyiselwa emazweni abo kwabantu abangu-72,906 kuzo zonke izindawo zokungena ezweni.
Usihlalo we-ActionSA esifundazweni saseLimpopo, uVictor Mothemela, uthe nakuba kubalulekile ukubuyisela emazweni abo abantu abatholakala bengena noma behlala ezweni ngokungemthetho, iqiniso elikhona wukuthi izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ziyaqhubeka nokubona abantu bakwamanye amazwe abangenazo izincwadi ezisemthethweni behlala futhi besebenza emiphakathini, okuhlanganisa amalokishi, emizaneni, emadolobheni amancane kanye nakwamakhulu.
“I-ActionSA icela uHulumeni Wobumbano Lukazwelonke (i-GNU) kanye noMnyango Wezasekhaya ukuthi baqinise ngokushesha ukuphepha kwemingcele kanye nokuqiniswa komthetho,” kusho uMothemela.
“I-ActionSA ibuza umbuzo oyisisekelo: Ingakanani imali esetshenziswa nguhulumeni kulolu hlelo olujikelezayo, futhi abakhokhi bentela baseNingizimu Afrika bazoyikhokhela isikhathi esingakanani?” ebuza.
“Izindleko ezibikiwe zezigidi ezingama-R80 ezihambisana nale mizamo kumele zihlolwe ngokujulile. Abantu baseNingizimu Afrika bafanelwe ukucaciselwa ngendlela esetshenziswa ngayo le mali nokuthi indlela yamanje iletha imiphumela eqhubekayo yini
“iLimpopo, isifundazwe esibhekene nezinselele ezinkulu zengqalasizinda kanye nokulethwa kwezinsizakalo, u-R80 million inani lemali elingenza umehluko obalulekile empilweni yezakhamuzi.” kuqhuba uMothemela
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
