
ISilo samaZulu sesibize umculi kamaskandi uMphile “Sminofu” Gumede ukuba ezovela esigodlweni. Lokhu kuza ngemuva kokuthi lomculi wkhiphe ingoma yakhe entsha,ethi Emachobeni.
Emachobeni yindlu yasebukhosini yeNdlovukazi uNomzamo Myeni eJozini, enyakatho ekude neKwaZulu-Natal. Ingoma ethi *Emachobeni* ikhishwe ngoLwesihlanu.
ISilo uMisuzulu wagcina evele ezindabeni ngemuva kokuba kuvele ividiyo yakhe eyagcwala izinkundla zokuxhumana.
UMpiyakhe Buthelezi, uthe indlu yasebukhosini yamaZulu iyilalele le ngoma futhi yanquma ukubiza lo mculi. “Izindaba zendlu yasebukhosini yamaZulu zidinga ukuhlonishwa. Akulona udaba lomphakathi, futhi sengimshayele ucingo lo mculi ukumtshela lokho.
Kuzodingeka eze nenkosi yakhe esigodlweni ukuze achaze ukuthi kungani akhipha ingoma ephathelene nezindaba zasebukhosini bamaZulu,” kusho uButhelezi.
UButhelezi wengeze ngokuthi nakuba usuku lokulalelwa kwalolu daba lungakabekwa, kuzokwenzeka maduze. U-Sminofu waziwa kakhulu embonini yomculo ngokuguqula izindaba ezishisayo nezisabalele ngokushesha zibe yizingoma ezithandwayo. Wake wakwenza lokhu ngaphambilini ngezingoma ezifana ne-*Imali Yase Absa*.
Imizamo yokuthola ukuphawula ku-Sminofu ayiphumelelanganga njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungaphendulwa.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
