Ugixabezwe ngeminyaka engu 17 owayengusigaxamabhande uKhephu Ndlovu

Sidlabehlezi Gumede Ugwetshwe iminyaka ewu 17 ebhadla ejele owayeyisikhulu samaphoyisa esiteshini saseMlazi iBhekithemba, uKhephu Ndlovu. UNdlovu ugwetshwe yiNkantolo yeMantshi yasePinetown ngamacala enkohlakalo ethinta ukwemukela ukugwazelwa ngoR120 000 ukuze aphazamise ukuphenyo ecaleni elokubulala elalibhekene nowayeyinduna yaseMangangeni uFelokwakhe Ndlovu.

Kuleli cala kuphinde kwagwetshwa iminyaka ewu 17 umuntu emunye uBonginkosi Dlamini, owayeyiphoyisa elaliphenya icala elalibhekene noFelokwakhe, uSibongile Ndlovu ongunkosikazi kaFelokwakhe, uFelokwakhe noLindokuhle Mbonambi oyindodana kaFelokwakhe.UKhephu ubeyiphoyisa elikhulu futhi ehlonishwa embuthweni.

Ngaphambi kokuthi aboshwe, wayekhulumela amaphoyisa eMlazi.Usebenze eduze nowayekhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Vincent Mdunge naye owaphuma embuthweni emva kokulahlwa icala le nkohlakalo kulandela ukuvela ukuthi wayengenawo u-matric.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.