Zicazelene ngamaphuzu izimbangi zaseSoweto

SIWE SHOZI |

Umdlalo weKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates namuhla eFNB Stadium obekubhekwe ukuthi kuwo kube nemvula yamagoli ugcine uphethe ngo 1-1. Igoli ekuvulwe ngalo kulo mdlalo lifakwe enethini nguPule Mmodi esiwombeni sesibili. Kungazelelwe uKamohelo Sebelebele uphendulile naye esiza i-Orlando Pirates ukuthi nayo ithole igoli lokulinganisa.

Kanti ukuvalela igoli enethini namuhla kukaPule Mmodi kumbuyisele nesithunzi kubalandeli ngoba ubesephenduke iqaqa besho ukumqeda ngamazwi alumelayo nasezinkundleni zokuxhumana. Bekulokhu kukhulunywa ngawo lo mdlalo, ikakhulukazi abalandeli beKaizer Chiefs njengoba bebenethemba lokuthi iqembu labo lizokwazi ukubuyisa leziya zinduku behlambalazwa ngemvula yamagoli e-Orlando Amstel Arena ekuqaleni kwalo nyaka.

Umdlali odlale kahle uBrandon Peterson wayo iKaizer Chiefs ongunozinti emuva komsebenzi omuhle futhi omkhulu awenzile emapalini eqanda imbumbulu yegoli ebeyiza no-Oswin Appolis.Kumanje uwundaba mlonyeni ukuthi umqeqeshi weBafana Bafana akobe ubewubukile umdlalo ngoba mukhulu umsebenzi angafike awenze eqenjini lesizwe uma emufaka esikwatini sakhe. Abanye futhi abadlali ababe ondaba mlonyeni namuhla kulo mdlalo oLeboang Maboe noSphesihle Ndlovu owake wagijima kwiBhakaniya.

Kusenjalo iBhakaniya lizoqhubeka nokuhlala esicongweni kwiBetway Premiership emuva kokuthi iRichards Bay FC nayo icazelane ngamaphuzu neMamelodi Sundowns.Wonke amaqembu asalelwe imidlalo emibili manje ngaphandle kweMamelodi Sundowns neSiwelele FC ekusamele babhekene.

Kodwa umdlalo wokugcina kubukeka kuyiwona oyocacisa ukuthi obani oshampeni bekulesizini ka2025/26.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.