Kuphelile nge-Bakgaga nePSL

SIWE SHOZI |

USIZI belubhalwe ebusweni kubadlali beBaroka FC egawulwe izembe kwiMotsepe Foundation Championship. Umdlalo wanamuhla iwona obowuzocacisa ngekusasa labo ebholeni.

Bebebhekene neKruger United yaseMpumalanga esekucacele noma ubani ukuthi iyona ezobonakala njenge qembu elisha kwiBetway Premiership eliphuma kwiNFD. Namuhla iBaroka iguqiswe ngo 3-0 ekhaya.

Kusukela kuqala isizini leli qembu laseLimpopo belivele lingenzi kahle ngoba belilokhu liyibambe emsileni.Kuke kwabhalwa kakhulu futhi ngayo iBaroka ukuthi uma ingawanyusi amasokisi kukhona okusina kuyijeqeza.

Azehlanga kahle ke lezindaba zokudliwa izembe kwaleli qembu kwabanye ngoba lingelinye lamaqembu anomlando omkhulu ake agijima kwiBetway Premiership kodwa ngezikhathi le ligi isabizwa ngeDSTV Premiership kusukela ngesizini ka2016/17 kwaze kwashaya eka21/22 nokuyisizini abadliwa ngawo izembe behlela kwiNFD.

IBakgaga nokuyigama elinye laleli qembu selizodlala kwi-ABC Motsepe League yasesifundazweni iLimpopo.Imiphumela isiyonke namuhla kwiMotsepe Foundation Championship:

Midlands Wanderers 1-0 Venda Football

Academy Gomora 2-1 Hungry

Lions Baroka 0-3 Kruger United FC


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.