
Kuqokwe ithimba elizobhekelela ukuthuthukiswa kwebhola lezikole esifundeni saseMzinyathi maphakathi nesifundazwe saKwaZulu. ULucky Ntuli onguthisha waseHlanzeni Primary school eMabomvini uqokwe wabangusihlalo omusha weSchools Sport kulesi sifunda.
UNtuli uthi kuzomele baqale basondeze abahloli nothishanhloko bezikole zaseMsinga namaphethelo. “Sifuna baqonde ukuthi abantwana bayadinga ukunikwa isikhathi sokudlala ezemidlalo nezobuciko. Umnyango wezeMfundo uyayidinga imiphumela emihle kodwa bakhona abantwana abazoziphilisa ngezemidlalo nezobuciko,” kusho uNtuli.

Uthe ukuqokwa kaWelcome Mpanza yiSAFA kubeyisibusiso ebholeni lase eMsinga naseMzinyathi district ngoba unamava amakhulu ebholeni lase Ningizimu Africa. UMpanza ungusihlalo woMsinga United nePhini likaMengameli weSAFA eMzinyathi District .
“UMpanza ubambe iqhaza elimqoka kakhulu eMsinga ekuthuthukuseni ibhola njengoba kunabadlali abaningi abadlala kuPSL neMotsepe Foundation League. Njengoba engumholi oqotho nophokophele phambili uzokwenza umsebenzi wethu ezikoleni ubelula kakhulu,” kusho uNtuli.
Kuzokhumbuleka ukuthi ubuholi bangaphambilini bebungasasebenzisani kahle ngenxa yezinkinga ezahlukene. Izikole ezingalibambile iqhaza kwezemidlalo nakwezobuciko zincishelwa ngabafundi ezinye zezikole eziphelelwe ngushatini ngenxa yokwehlelwa izibalo zabafundi ,singabala Somahashi High school ,Nyoniyezwe High school ,KwaDolo Combined School .IHlanzeni High school yona yodwa ihamba phambili ekubambeni iqhaza kwezemidlalo nezobuciko ngaphansi kobuholi bukaNtuli. Nalu uhlu lwabaholi abaqokiwe seluphelele uNtuli uSihlalo, isekela lakhe uThuthukanii Khumalo, uNobhala Ntuthuko Dlamini, isekela lakhe uCebolombuso Hlongwa.
Umdidiyeli wamaPrimary uSabelo Ngxongo. Umdidiyeli wamaHigh school nguMpungose, umphathi sikhwama nguMzukayise Mbambo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
