
IMadlanga Commission ephenya ngezinsolo zenkohlakalo emaphoyiseni ibhekene nengwadla yokuntula imali. Ukuntula imali kwale khomishini kubeka engcupheni ukusebenza kwalolu hlaka.
Le khomishini yethulwa nguMengameli uCyril Ramaphosa nyakenyeLe khomishini eholwa ngomehluleli uMbuyiseni Madlanga. Selokhu iqalile ukusebenza, abantu bawuncoma nxazonke umsebenzi wayo.
UNgqongqoshe wezoBulungiswa uMmamoloko Kubayi uthi benza konke okusemandleni abo ukuthi lekhomishini ithole usizo. Uthe bayathemba ukuthi bzoyithola imali ukuze kwelulwe umsebenzi wekhomishini.
Isabelomali sokuqala besingu-R145 million, manje sekusetshenziswe imali engaphezu kuka-R120 million. Lokhu kusho ukuthi le izohoxiswa uma ingayitholi imali.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
