Inkosi uZondi ikhuza ababhebhethekisa udlame olubhekiswe kwabokufika

IShansela leNdlunkulu kaZulu, Inkosi Malusi Zondi inxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bagweme inkulumo enolaka nehlambalazayo ngesikhathi bezwakalisa ukungeneliseki kwabo.

UZondi ukhiphe lesi sexwayiso njengoba kukhona ukungezwani phakathi kwabantu bakulelu nabokufika abangenzo izimvumo.

Uthe nakuba isakhamuzi ngasinye sinelungelo ngokomthethosisekelo lokubhikisha nokuzwakalisa izikhalo zaso kodwa kubalulekile ukuthi izinkulumo zenziwe ngesizotha, ngenhlonipho.

“Sinxusa wonke amalungu omphakathi ukuthi akugweme ukusebenzisa inhlamba. Kumele sikugweme ukuthuka noma ukululaza abanye. Kumele sisebenzisane sonke ukuqinisekisa ukuthi amazwi ethu azwakala ngendlela eyakha imiphakathi yethu kunokuthi iyiyehlukanisi,” kusho uZondi.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.