I-ANC ijube uSabela ukuba ayohola isifunda seTheku

Ngu: MFANAFUTHI NXUMALO |

I- ANC KwaZulu-Natal yenze izinguquko ezinqala ebuholini bayo besikhashane esifundeni saseThekwini. Lo mbutho umemezele uThanduxolo “TDX” Sabelo njengoMxhumanisi kwathi, uThabani Nyawose waqokwa njengoMdidiyeli.

USabelo akamusha ekuholeni njengoba eke wahola ngempumelelo uphiko lwentsha kaKhongolose njengoNobhala eThekwini nakwisifundazwe. Amagalelo akhe ezombusazwe aziwa kakhulu njengoba kuyibo njengentsha yombutho abalwela ukuthi abantu abasha bangene ebuholini.

Yize kube khona indlanzana elingahambisananga naleziphakamiso, kepha iningi lizijabulele lezinguquko, ngoba bethi zizobuyisa isithunzi nethemba kubantu ngenhlangano ye-ANC.

USabelo, uke waba nguSihlalo wekomidi lakwaHuman Settlement eThekwini, kanti uNyawose naye unomlando omuhle kuMasipala weTheku njengoba eke wasebenza kuwona uMnyango waka Human Settlement eThekwini wakhulisa intuthuko emahostela eThekwini njengoba manje enguSomlomo womkhandlu waseThekwini.

Umbutho uphinde wamemezela uSifiso Sonjica njengo mkhulumeli wawo esifundazweni. USonjica ungena esikhundleni ebesiphethe uFanle Sibisi.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.