
UMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu eGauteng kanye naKwaZulu-Natal, umatasa nophenyo ngemuva kokuthola izikhalo zomphakathi kanye nezikhalo zamakhansela ngabantu bokufika abadla izindlu zomxhaso (Reconstruction and Development Programme) ngokungemthetho ekubeni izigidi zabantu baseNingizimu Afrika zisahleli ohlwini lwabalindile.
Umnyango uyakucacisa ukuthi ngabantu baseNingizimu Afrika kanye neZakhamuzi ezihlala unomphela (Permanent Residents) abafanelekela izindlu zomxhaso. Ngakho, akukho emthethweni futhi akunakwenzeka ukudayisela ‘abantu bangaphandle abahlala kuleli ngokungemthetho’ izindlu zomxhaso.
UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu, uThembi Simelane, uthe iningi labantu bokufika ngokungemthetho kuleli bahlala ezindlini zomxhaso ngenxa yokudayiselwa kwabo ngokungemthetho ngabantu baseNingizimu Afrika.
UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu eKZN, uSiboniso Duma ubelokhu ephenya futhi exwayisa ngokuthengiswa kwalolu hlobo kusukela ngoJulayi 2025.
NgokweSigaba 27(c) soMthetho Wababaleki: ‘Ukuze abantu bangaphandle abahlala kuleli ngokusemthethweni bafanelekele ukuhlomula ohlelweni lwe-RDP, kufanele babhaliswe njengababaleki(Refugees) eNingizimu Afrika okungenani iminyaka engu-5, bese bethola umazisi waseNingizimu Afrika obhalwe ukuthi ‘Non Citizen’ ukuze bafake isicelo.
Ukudayisa Indlu ye-RDP phakathi neminyaka yokuqala eyi-8 yobunikazi (ngaphandle kwemvume yomnyango) kuyicala lobugebengu futhi kungaholela ekuphucweni kwendawo.
Uphenyo luyaqhubeka, akukaboshwa muntu noma kudliwe indlu.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
