UShabalala uqede ishobolo nge-Orbit College

UMduduzi Shabalala uqede ishobolo lakhe lokungashayi amagoli ku Kaizer Chiefs ngesikhathi eshaya igoli lakhe izolo ngesikhathi i-Orbit College ibambene neKaizer Chiefs, eNelson Mandela Bay .

UShabalala uqeda lesikhwakhwalala nje, ubesephumile ezinhlizweni zabalandeli beKaizer Chiefs kulandela ukushweba amagoli amaningi ngesikhathi i-Kaizer Chiefs ishaywa yi-Stellenbosh FC emdlalweni we Nedbank Cup nakuBetway Premiership League .

Lesenzo sikaShabalala samdalela amazinyo abushelelezi kubalandeli be Kaizer Chiefs, nokugcine ukuthi abaqeqeshi baqhamuke neqhinga thizeni lokumvikela olakeni labalandeli ,

“UShabalala ubethembisa kakhulu kulamasizini amane asewahlalile ku Kaizer Chiefs, kodwa akukho lutho olutheni ngaye, kumanje unamagoli amabili kuBetway Premiership League emdlalweni engaphezulu kweyishumi ayiqalile.” kuphawula omunye umlandeli weKiazer Chiefs ezinkundleni zokuxhumana.

IKaizer Chiefs inqobe ngamagoli angu 3 kweli-1, ku-Orbit College nokwenza umthwalo ubenzima kakhulu kumqeqeshi wayo Orbit College uPogiso Makhoye ngoba kumele aguqule amatafula ngalemdlalo yokugcina yeBetway Premiership League. Leliqembu libonakala lihaqwe izinkinga eziningi njengamanje njengoba lidlala ngaphandle kwenkundla yalo yonke imidlalo.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.