
UHugo Broos ongumqeqeshi weBafana Bafana utshele abezindaba ukuthi uMbekezeli Mbokazi noBongokuhle Hlongwne ngeke bawudlale umdlali wabo nePanama ngenxa yokuthi bahambe ibanga elide kakhulu besuka eMelika.
UBroos uthe labadlali bazophumula bazoze badlale umdlalo wesibili nePanama ozoba seCape Tow ngesonto elizayo.
Lemidlalo imqoka kakhulu ngoba yimidlalo yokulungiselela imidlalo yeNdebe yomhlaba ezobanjelwa eMelika, Canada naseMexico.
UBroos uthe kumanje uhlanganisa abadlali abazomela iqembu lesizwe iBafana Bafana eNdebeni yomhlaba .
“Abadlali abazokhethwa ngizobamemezela ngenyanga ezayo lapho ngizoba sengibabone kahle bonke,” usho kanje.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
