
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uphonsele inselelo umqeqeshi ozongena endaweni yakhe kuBafana njengoba esezothatha umhlalaphansi.
UBroos uthe umqeqeshi ozobamba izintambo kumele abe nesibindi athathe izinqumo ngokuzimela.
UBroos ungomunye wabaqeqeshi abahamba phambili ebholeni laseNingizimu Afrika. Ufike kuleli wayibeka induku ebandla. Utakule iBafana ebisibhacaza wayakha yaze yagcina iyiqembu eliqinile nelesatshwayo.
Uthe angajabula uma iBafana izosala ezandleni ezifanele.
Ugcizelele ukuthi umqeqeshi olandelayo kumele akhethe abadlali ngokuthanda kwakhe nangokusebenza kwabo emaqenjini abawadlalelayo, hhayi ngokuthi badlalela amaqembu amakhulu.
Uthe akayifuni lento yokuthi umdlali avele aqokwe ngoba kuthiwa udlala phesheya.
UBroos ngaphambilini wahlokoza ukuthi usenalo igama lomqeqeshi ozothatha izintambo kuBafana Bafana noma engamdalulanga.
Uthe ujabule ngendlela iBafana edlale ngayo ngesikhathi ibambana nePanama ngo 1-1.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
