
INkantolo yesiFunda eThekwini igwebe obewumshushisi uNtokozo Mzulwini (36) iminyaka emihlanu ebhadla ejele ngecala lokuphazamisa ukusebenza komthetho.
Isigameko senzeka ngo-October 2022 ngesikhathi ummangalewa esemsebenzini eNkantolo yeMansthi eThekwini.
Ngo-27 October 2022 ngesikhathi uMzulwini esebenza njengoMshushisi weNkantolo yesiFunda, waholela oPhathe abashushisi ababili abangabaphathi eNkantolo yeMantshi eThekwini. Wayejutshwe ukuthi ashushise ummangalelwa uMnuz Khan owayebhekene necala lokufohla engena kuleli ngokungemthetho okuphambana no-Section 49 of the Immigration Act. Uma elahlwa ngecala lo mlisa kwakuyophoqa ukuthi athuthelwe kwelakubo futhi esimeni esinjalo ayikhulunywa indaba yokuvuma icala nenhlawulo ngokukaSection 57A of the Criminal Procedure Act.
UMzulwini wahubhuza amanga kuMshushisi oMkhulu ethi uMnuz Khan uphambane nomthetho uSection 37(b) of the Refugees Act, ohambisana nokuphelelwa yisikhathi kwemvume nokusho ukuthi umuntu angavuma icala bese ekhokhiswa inhlawulo. UMzulwini wabhala amaphepha eseka lokhu ayekusho okungelona iqiniso ngoba idokodo lecala lalinobufakazi bokuthi uKhan ungene ezweni ngokungemthetho.
Ummangalelwa wahambisa amaphepha kuMshushisi oMkhulu ukuze asayine awagunyaze kodwa idokodo engaliphethe. Wacelwa ukuba alilande. Kuthe uma lifika libhekisiswa idokodo, uMshushisi oMkhulu waqaphela ukushayisana wase enqaba ukusayina wawaklebhula amaphepha wayalela uMzulwini ukuthi afake udaba enkantolo ngokufanele. Wamyalela ukuthi uma ummangalela ehlambuluka evuma icala kufanele kulandelwe u-Section 112(2) of the Criminal Procedure Act 51 of 1977.
UMzulwini waqhubeka wabhala amanye amaphepha aphambene nalokhu ayalelwe khona kodwa wawahambisa komunye uMshushisi oMkhulu. Lo Mshushisi oMkhulu ngokungazi wawasayina amaphepha, ummangalelwa uKhan wavuma icala wakhokha inhlawulo. Ngalo lolo suku uMshushisi oMkhulu wathola ukuthi ushawe ngemfe iphindiwe. Kwahoxiswa inhlawulo kaKhan wabuyiselwa enkantolo wetshweswa amacala ngokufanelekile. Kwabikwa udaba emaphoyiseni kwaboshwa uMzulwini.
UMshushisi uSphelele Ndlela ubize abashushi abakhulu bobali bafakaza, bethula namaphepha obufakazi namaphepha oMnyango wezaseKhaya, uhlu lwamacala lokuqala namaphepha abhalwe wuMzulwini. Inkantolo igwebe uMzulwini iminyaka emihlanu futhi yathi akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu.
Lokhu kuveza ukwephulwa kwemigomo yobuqotho futhi kuwubufakazi bokuthi ngeke kubekezelelwe noma ngabe kwenziwa wubani ngoba akekho ongaphezu komthetho. I-National Prosecuting Authority ilindele ubuqotho kubasebenzi bayo futhi izohlala ikusukumela phezulu ukuphazanyiswa kokusebenza komthetho.
UMqondisi wezokuShushisa uyasemukela isigwebo futhi unethemba lokuthi sizoxwayisa nabanye.
Abashushisi ikakhulukazi labo abangabaphathi, bayanxuswa ukuthi baqikelele uma kusetshenzwa ukuze bakwazi ukusheshe babone ukuganga. UMzulwini uxoshiwe emuva kwesigcawu sokuqondiswa ubugwegwe. Isigcawu sokwedluliswa kwamacala ezabasebenzi sisematasa nodaba lwakhe oluxoxwa kwi-General Public Service Sectoral Bargaining Council (GPSSBC) futhi i-NPA izobamba iqhaza nakhona kulolo hlelo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
