AwaseNingizimu ye-Africa abhubhisile enhla nezwekazi

Lamaqembu ase-Egypt aqale imidlalo yeCAF Confederation Cup ehlezi phezulu kuGroup D  ngokushintshana .

Kodwa iKaizer Chiefs iyona eqwakele manje ngamaphuzu angu 10 ilandelwe yiZamalek FC ngamaphuzu angu 8 kulandele Al Masary FC ngamaphuzu angu 7 kugcine Zesco United ngamaphuzu amathathu kuphela .

IZesco United yase Zambia ishaye kabuhlungu iZamalek ngegoli elilodwa yathola amaphuzu amathathu ngemuva kwemidlalo emnine ingakaze inqobe .

Lokho kuqinise amathemba amakhulu kwiKaizer Chiefs ukuthi ikwazi ukudlulela esigabeni semidlalo yomkhumulajezi .

Lamaqembu ase-Egypt azodlala imidlalo yawo yokugcina ekhaya lapho iKaizer Chiefs idinga iphuzu elilodwa kuZamalek.

Kuyodingeka ukuthi iZesco United iphazamise Al Masary FC  ngokudlala ngokulingana noma umdlalo iwunqobe.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *