
UNkosikhona Mohlakwana uphinde wahluleka ukungena kubasubathi abayishumi bokuqala ku Comrades Marathon. UMhlakwana ubengomunye wabasubathi baKwaZulu Natal ekade beyithemba ku Comrades Marathon, kodwa wabhacaza okwesibili ku Comrades Marathon njengoba ngonyaka odlule akayiqedanga,
Khona manjalo umthombo we IBunda izindaba usola lomsubathi ngokukhohliswa ngabantu abathi ungumpetha kodwa engavange anqobe umjaho omkhulu ofana ne Comrades Marathon, Two Oceans Marathon. Uphinde ogcwale kakhulu kuma Social media lokho kumdalela ukuthi angagxilisi umqondo wakhe emjahweni.
Lokhu kwenza kwakhe kokuthanda ama Social media kumele athwale umthwalo wengcindezi, njengoba ekhula khona abasubathi abenza kahle ngemuva kwakhe abayingozi abazomeqa kusho lomthombo. Kuzophela ngaye lomsubathi engakafiki lapho kumele afinyelele khona kuphetha lomthombo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
