
UJenet Mbele ukhuphule amasokisi ku Comrades Marathon ku Up Run ebisuka eCity Hall eThekwini yaphelela eMgungundlovu. UMbele ukhuphule amasokisi esuka kunombolo 10 wanyukela ku nombolo 8.
UJenet Mbele ubegijima iComrades Marathon yakhe yesibili. ubeqala ukugima up run njengoba ngonyaka odlule wayeqala ukugima idown run. UJenet Mbhele ukhula ngamandla ekusubatheni njengoba wenze kahle naku Two Oceans Marathon.
Kumanje lomsubathi we Xcel Running Club ugila izimanga kwezokusubatha eNingizimu Africa. Kulindeleke ukuthi aphumule aphinde azilungiselele iCape Town Marathon ne Soweto Marathon. UJenet Mbhele nguyena obemele abasubathi besifazane KwaZulu-Natal wangaphoxa wabajabulisa kakhulu.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
