
UBongumusa Mthembu uqede izinkulumo zokuthi useyikhehla ku Comrades Marathon. UMthembu umangaze abantu abaningi engena endaweni yesithupha ku Comrades Marathon.
Ngonyaka odlule uMthembu wahluleka ukungena kubasubathi abayishumi bokuqala ku Comrades Marathon, naku Two Oceans Marathon uhlulekile ukungena kubasubathi abayishumi bokuqala. UBongumusa Mthembu usenqobe iComrades Marathon amahlandla amathathu ne Two Oceans Marathon,
Ungumsubathi ohamba phambili KwaZulu-Natal nase Ningizimu Africa njengoba, umsubathi wokuqala omnyama osenqobe iComrades Marathon amahlandla amathathu. Abantu abaningi kade belikhipha ngomlomo ukuthi usephelelwe ngushatini kwezokusubatha eNingizimu Africa, kodwa uvale imlomo yabantu abamhlulelile ngomsebenzi wakhe wokusubatha.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
