
Iqembu le Action SA esifundazweni saKwaZulu-Natal neliholwa ngu Zwakele “Ngqondo Ngqondo” Mcwango livuse icala lendle esabalele kuwowonke umkhandlu wase eThekwini. UZwakele Mcwango uhambise amaphepha eDurban High Court ngodaba lokugcwala kwendle edolobheni lase eThekwini.
UMgcwango utshele IBUNDA IZINDABA ukuthi sebelinde isinqumo seNkantolo ukuthi ihlalele udaba lwe Action SA. Njengoba leliqembu le Action SA lifuna izimpendulo emkhandlwini wase eThekwini ngodaba olusematheni lwendle egcwele izigange zetheku, kuzokhumbuleka ukuthi iqembu le Action SA yilona kuphela qembu eNingizimu Africa elilandelele izikhalo zezakhamuzi zase Ningizimu Africa. Njengoba nakulesifundazwe saKwaZulu Natal loludaba oluthinta indle edolobheni lase eThekwini nosekuxoshe amabhizinisi amaningi kanye nabavakashi abahlukene abavakashela lomkhandlu abaqhamuka phesheya kwezilwandle, e-Africa kanye nasezifundazweni ezahlukene ezifana ne Mpumalanga, North West Gauteng,
I-Action SA isithathe igxathu elibanzi kakhulu ngalolubada lwendle ephazamisa amabhizini emgwaqeni emkhulu edolobheni lase eThekwini efana no West Street, Smith Street njengoba uma nje ujikela kuwo wonke amakhona emgwaqeni namaphasiji amancane kanjalo naseduze kwezitolo uthola indle.
Lelidolobha seliphendulwe ihoko lezingulube ngokubonakala kuqhubeka ukugcola nokunganakekelwa njengoba namanzi agcwele idolobha obekuyismo esijwayele ukubonakala kumalokishi akhele lelidolobha. Okubuhlungu kakhulu ukuthi lamanzi agxaza nje izindawo eziningi kanye namalokishi angaphansi komkhandlu wase eThekwini afana neNtuzuma, Chatsworth, Phoenix, akhala ngesomiso ngoba amanzi sebeyawafunga.
Kuzokhumbuleka ukuthi wonke amadolobha amancane angaphansi afana nePinetown, Mobeni, Jacobs kanye nasoThongathi kulomkhandlu weTheku abhuza izimpukane nezibungu ngenxa yendle evimbanisile kulamadolobhana.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
