
UHlompo Kekana uxwayisa itumeleng Khune ngokuphelelwa yindawo ku Kaizer Chiefs. UKekana uthi kuzomele uKhune akwemukele ngoba kunjalo ukuthi akasenayo indawo ku Kaizer Chiefs ukuze ezogwema ukuhlukumezeka ngoba usephumile ohlwini lweqembu le Kaizer Chiefs.
“Kuzomele aqhubeke nempilo entsha njengamanje nokunakekela umndeni wakhe.’ kusho uKekana. Khona manjalo kunamahlezi athi uKhune ufunwa yiqembu le Super Sports United ukuthi azoba ngumqeqeshi wonozinti.
UKhune uzophelelwa yinkontileka ngo June akwaziwa ukuthi ngabe ukuthi iKaizer Chiefs izomgcina noma izomdedela ahambe. UKhune ukhulele eqenjini le Kaizer Chiefs njengoba ehlale iminyaka engu 25 kuleliqembu wanqoba Dstv Premiership amahlandla amabili ne MTN 8 Cup, Nedbank Cup, Telkom Knockout Cup. Wayibamba ku Bafana Bafana ngo 2010 endebeni yomhlaba waphinda wayibamba kuma Olympics eBrazil.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
