IDendale Technical High Schools ingompetha abasha be CAf yezikole

IDendale Technical High Schools bangompetha abasha be CAf Schools Championship. ULindokuhle Ngubane ongunobhala jikelele womgungundlovu District Sports Confederation uncome umsebenzi omuhle owenziwa ngabaqeqeshi nabafundi beDendale Technical High Schools nabaphathi balesikole.

UNgubane uphinde wancoma iqhaza elimqoka elibanjwe ngabazali bezingane nabaxhasi abahlukene. Lesikole siqophe umlando omusha ebholeni lezikole kanye nasebholeni lase Africa, njengoba sinqobe iCaf African Schools championship ezweni lase Tanzania.

Labafundi bamantombazanyana abaneminyaka engu 15 bakhombise ukuvuthwa ngesikhathi beshaya isikole sase Morocco. Kuzokhumbuleka ukuthi labafundi baqeqeshwa ngu Ntombifuthi Mchichwa Khumalo onamagalelo njengoba ngaphambilini useke waqeqesha iqembu le Durban Ledies, usemele iqembu lesizwe lase Ningizimu Africa amahlandla amane ngemiqhudelwano yezikole.

Abadlali abaningi abaqhamuka kulesikole se Dendale Technical High Schools bazidayise emaqenjini amakhulu adlala ku Hollywood Bet Super Women League. Khona manjalo kulindeleke ukuthi leliqembu litheleke lapha eNingizimu Africa ngesonto emini bebade eKing Shaka Airport.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.