
Isiteshi somsakazo somphakathi sephule imithetho ngemuva kokumemezela ngephutha ukushona kweNkosi uCharles III ohlelweni olwalusakazwa ngoNhlaba, kusho isigungu esiqapha imisakazo sase-UK ngoMsombuluko. I-Radio Caroline, okwakuyisiteshi somsakazo esingekho emthethweni (esaziwa ngokuthi i-pirate radio) kodwa manje esidlala umculo we-rock ikakhulukazi, yaxolisa ngoNhlaba ngemuva kokusakaza imiyalezo eyayimemezela amanga ngokushona kwenkosi.
Omunye wemiyalezo wawuthi “simise izinhlelo zethu ezijwayelekile kuze kube nesaziso esengeziwe njengophawu lokuhlonipha ngokudlula emhlabeni kweNkosi uCharles III”. Kwabe sekudlalwa iculo lesizwe, kwalandelwa yimizuzu engaba ngu-16 yokuthula ngaphambi kokuba kuqhubeke uhlelo olujwayelekile.
Umsakazi waxolisa ngemuva kwemizuzu engu-30 le miyalezo iqalile ukudlalwa, kusho i-Ofcom. Isigungu esilawulayo, esathola izikhalazo ezimbili mayelana nalolo hlelo, sithe “iphutha elikhulu kakhulu” kanye “nesikhathi eside” esathathwa ukuvuma lelo phutha kwephule imithetho yaso emibili.
Eminye yemithetho idinga ukuthi imibiko yezindaba ibe yiqiniso futhi ingakhethi nhlangothi. Omunye udinga ukuthi amaphutha amakhulu avunywe futhi alungiswe emoyeni ngokushesha. I-Radio Caroline itshele i-Ofcom ukuthi iphutha lenzeke ngesikhathi ilungu labasebenzi lifinyelela kumafayela omsindo ayeseqoshiwe ngaphambilini ukuze asetshenziswe uma kwenzeka inkosi ishona, ngenkathi lenza umsebenzi wokulungisa ikhompyutha yesitudiyo, njengoba uhlelo lwalusakazwa umuntu engekho esitudiyweni (remote).
Ilungu labasebenzi ladlala lawo mafayela “ngenxa yelukuluku lokufuna ukwazi”, okwama ukusakazwa kohlelo olwalwenziwa ngumsakazi owayekude nesiteshi kwase kudlalwa lawo mafayela emoyeni. Lo muntu kuthiwa “wethuka kakhulu wabe esephuma esakhiweni” ngemuva kokuqaphela okwakwenzekile, ngokusho kwesitatimende se-Ofcom.
I-Radio Caroline ithe umsakazi owayesakaza ekude “ebengeke abone ukuthi usephume emoyeni ngaphandle kokuthi wayeqaphe ukusakazwa kwakhe nge-inthanethi.” Umsakazi, ecabanga ukuthi usasakaza, wayengaqaphi ucingo lwakhe futhi akazange aphendule ngokushesha izingcingo ezivela kubantu basesiteshini ababebone iphutha, kusho umbiko. Isiteshi sithe umuntu odlale lawo mafayela “uyalulekiwe” futhi “uyaxolisa”. Sengeze ngokuthi lawo mafayela ayeseqoshiwe manje asesuswe kukhompyutha yesitudiyo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
