
U-Auther Zwane ngomunye wabaqeqeshi beKaizer Chiefs ukholwa ukuthi kumele abadlali be PSL bafundiswe ngebhola elidlalwa namuhla lebhizinisi. Labadlali abathanda Show boating kumele bafundiswe ukuthi ngeyokwenzani enkundleni.
UZwane ubelumana indlela neLisenethini ngabadlali abashaya show boating. Ibhola namuhla liyibhizinisi kumele abadlali bakuqonde lokho. mangabe umdlali eshaya show boating phakathi nenkundla umdlalo uqala.
Kushuthi lowomdlali uzoshesha akhathale ingakashayi nemizuzu engamashumi amabili. Umdlali kumele ayisuse imbangi phambi kwakhe mangabe kunesidingo kuphela kusho Zwane.
Khona manjalo kunabadlali abaningi abakhiqizwe ngu Author Zwane abafana no Nkosingiphile Ngcobo, Happy Mashiane, Mduduzi Tshabalala, Mfundo Vilakazi. Labadlali abase bancane bayayishaya kodwa abaqeqeshi kumele babakhuze ngenxa yebhola elidlalwayo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
