
UMhlonishwa Meya wesiFunda uMzinyathi uMhlonishwa Ald PMS uvule i-borehole esebenza ngamandla kagesi adle isamba sika-R500 000 eMuden. Abantu waku-11, eMuden bese kunesikhathi eside bephakelwa amanzi ngamaloli ingekho ingqalasizinda eqondile ebihlinzeka umphakathi ngamanzi.
UMeya ethula lamanzi unxenxe umphakathi ukuba uwaphathe kahle lamanzi ungalimazi ingqalasizinda .
“Lamanzi esizowavula namhlanje kasiwavuli ngoba sizovota ngoba ukube kunjalo ngabe ngemuva kokhetho besizowavala engabe esaphuma.
Asincengi ivoti ngezidingo zomphakathi nangemali yenu. Le mali esivule ngayo lamanzi ngeyenu ninelungelo eligcwele lokuthi niwathole, ” kusho iMeya.
Kusasa siseMbalane 3 KwaWadi 11. NgoLwesithathu sikaSikobho wadi 13 nakhona yiyo leyo ndaba sivula amanzi.
Imeya iphinde yaphendula inkulumo kaNdunankulu wesifundazwe uNkk Nomusa- Dube- Ncube ngomasipala abangenzi kahle ayisho emsakazweni uKhozi FM izolo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
