
Amaphoyisa abophe abasolwa abayisithupha ngezinsolo zokuduna imoto kanye nelokubulala umdlali weKaizer Chiefs uLuke Fleurs. Lesi sihlabani sikanobhutshuzwayo esithembisayo, sadutshulwa sabulawa kabuhlungu ngesikhathi kudunwa imoto egaraji likaphethiloli enyakatho-ntshonalanga yeGoli ngesonto eledlule.
UFleurs ubengaphakathi kweVW Golf 8 GTI ebomvu egalaji likaphethiloli eliku-14th Avenue, ekhoneni likaHendrik Potgieter, ngesikhathi edutshulwa kanye emzimbeni ongenhla. Ngokusho kokhulumela amaphoyisa uMavela Masondo, abasolwa babanjwe ezintatha zangoLwesithathu ithimba ebeliholwa ngamaphoyisa ophiko lwezobunhloli.
“Abasolwa abayisithupha bathungathwe umkhondo base beboshwa eSlovoville, eSoweto, ezintatha zangoLwesithathu, kwathi imoto ebisikhishiwe yatholwa ngoMsombuluko. “Amaphoyisa akholelwa ukuthi abasolwa bayingxenye yethimba elibhekene nokudunwa kwezimoto eGauteng, futhi kusaqhubeka ukuthungathwa kwabasolwa abaningi.”
Abasolwa kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseRoodepoort ngoLwesihlanu.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
