
I-Action SA esifundazweni KwaZulu-Natal izongenelela odabeni lokuxoshwa kaNoncebo MaKcanzie obengumsakazi woKhozi Fm ngendlela engaqondakali. Umholi weqembu le Action SA KwaZulu-Natal uZwakele Mcwango udalule ukuthi beyiqembu le Action SA kabeneme nhlobo ngokuxoshwa kobe ngumsakazi woKhozi Fm uVukile Noncebo MaKcanzie ngendlela engaqondakali njengoba nguyena kuphela umsakazi oxoshiwe kubasakazi.
“Kubasakazi abaningi kangaka . kuzomele abantu bazi kabanzi ngokuxoshwa ka Vukile.” kubuza lomholi. Kuzokhumbuleka ukuthi Mcwango usanda kuphumela obala ngokusiza uPenny Ntuli obengumsakazi we Gagasi Fm owashiya lomsakazo ngoba ehola amakinati emali engu R2800 ngenyanga.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
