
UMholi we Action SA KwaZulu-Natal uZwakele Mcwango uthi bona banayo indlela yokunqoba indlala yamanzi eNingizimu Africa. Banohlelo olunqondile lokuqeda indlala yamazi eNingizimu Africa njengoba bazoqasha abantu abanolwazi olunzulu ngezamanzi.
Bazophinde bandise amadamu amaningi ezindaweni zase maphandleni eNingizimu Africa, babuyise uhlelo lamadamu amancane omphakathi lokuhlinzeka ngamanzi. Bazovala lemifula egelezayo ehlobo ngenhloso yokugcina amanzi ngoba amanzi amaningi ayalahleka lapha eNingizimu Africa njengoba awagcinwa nhlobo.
Amanzi amaningi atholakala phansi komhlaba lawomanzi sizowalanda khona ziwambe ziwahlanze siwangenise emadamini. Njengoba abantu abaningi sifuna ukuthi bagxile kozolimo kakhulu ezindaweni zasemakhaya .
Ngoba abantu base Ningizimu Africa banenkinga enkulu ngamanzi njengoba abantu bayawathenga amanzi ngemali enkulu. Nesimo sezulu manje siguqukile kakhulu njengoba lina izimvula ezincane kakhulu.
Abantu baningi kakhulu kumanje eNingizimu Africa njengoba kugcwala abantu bangaphandle.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
