
Umengameli we IFP uVelenkosini Hlabisa ubona ukhetho lalonyaka lizofana nokhetho lokuqala lentando yeningi eNingizimu Africa lango 1994. Abantu bazovotela ukugudluza uhulumeni we ANC ohlulekile ukuletha ushintsho ezimpilweni zabantu kodwa ulethe usizi nokukhala nokugedla amazinyo.
“Abantu mabahambe beyovota ngomhlaka 29 ku May bovotela ukugudluza ANC emandleni ngoba yehlulekile. Njengoba amanzi eNingizimu Africa eshoda kakhulu nokuyinto ebingenzeki nhlobo. Abantu badonsa kanzima njengoba amathuba omsebenzi awekho.” kusho uHlabisa.
I-IFP nobumbano lamaqembu bafuna ukuletha ushintsho kubantu base Ningizimu Africa. abaludingayo ukuguqula izimpilo zabo nokuthola umsebenzi ngaphandle kokuqashwa ngobuhlobo nangocansi, nangobuqembu kodwa umuntu uzoqashwa ngoba ekulungele ukuqasheka.
Iqembu le ANC libulele zonke izigqalazinda eNingizimu Africa lokho kudale isimo esingesihle enomthweni walelizwe. Njengoba imigwaqo isigcwele isiminyaminya ngenxa yokuthi ANC wabulala inqalazinda kaloliwe njengoba izimpahla bezithwalwa yizitimela nabantu. Manje lamaloli agubha umgwaqo emadolobheni amaningi afana no Mhlathuze, eMthonjaneni, Phongolo, eHlobane.
Kuphinde kuqashwe abantu bangaphandle kulamaloli ngoba babaholela imali encane. Abashayeli base Ningizimu Africa abaqashwa kulamaloli kumanje abashayeli abaningi abaqhamuka ngaphandle badala izingozi eziningi.
“Mangabe uvotela ANC, EFF, Umkhonto Wesizwe uvotela ukungasebenzi muntu omusha, uvotela ukuhlala ebumnyameni kumuntu omdala nomncane. Uzovotela ukungenwa yizifo ezingalapheki, uzovotela ukubulawa indlala .” kyuqhuba uHlabisa.
“Ngabe abantu base Ningizimu Africa bathanda ukuhlala nabantu bangaphandle nabangakulungele ukuba kuleli.?” enananela.
Umnotho wase Ningizimu Africa ushayeke phansi njengoba uRamophosa eboleke izimali ebhange lomhlaba. I-ANC kumanje inenkinga eyodwa yenkohlakalo engapheli njengoba kumanje bahlezi kuyona baphila yona kusukela emazingeni aphansi komasipala kuze kube nguhulumeni omkhulu.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
