
Ngemuva kokuhlulwa ngu Yamila Alberto Peralta wase Argentina ngamaphuzu empini yokuhlungela ibhande le Silver WBC. UMchunu ubikele IBUNDA IZINDABA ukuthi abalandeli bakhe mabehlise umoya ngoba yena usazoyibamba kulendima yezamankomane kodwa uzobazisa mangabe esethatha umhlalaphansi.
“Ngangizihlelele ukuthi mangabe sengineminyaka engu 36 ngoba sengiqala ngicabanga ngesasa lami nesibhakela kodwa ngathokoza ukuhlala noma iminyaka emine kusukela manje.” kusho uMchunu.
Khona manjalo kungenzeka ukuthi uMchunu asheshe athole ngokushesha impi njengoba kukhona abahleli bezimpi KwaZulu-Natal nase Gauteng abamfuna ukumqatha. UThabiso Mchunu kumanje ubuyele ejimini wayohlala khona ngoba efuna ukuzicija kahle ngaphandle kwengcindezi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
