Action SA izovuselela umnotho wase emalokishini nase maphandleni

Iqembu le Action SA lifunge lagomela ukuthi lizoqeda umkhuba wabantu baselokishini wokuvumela abantu bangaphandle ukuthi bahwebe ngezitolo zabo ngoba lokho kubhidliza umnotho wabantu bakithi abamnyama emalokishini ethu. “Njengoba beqashisa ngalamabhizinisi kubantu bangaphandle kudala umonakalo omkhulu kulelizwe.”

Abantu bangaphandle abanayo imvume yokusondela emalokishini ethu nasemnothweni wezwe lethu. Kumanje abantu abaphila emalokishini bakhala ngokudelela kwabantu bangaphandle.

Ngaleyondlela akukho ukuhlalisana nalabantu bangaphandle ngakho iqembu le Action SA lizokhuculula lemfeketho yezibi zika ANC ozicwalise lelizwe. Kumanje abantu abahlala emalokishini nasemaphandleni bawelwe ngumnotho wabo njengoba abantu bangaphandle bawuphangile umnotho wabo.

Kuzomele siqale silungise umnyango wezangaphakathi namasosha emgceleni wezwe lase Ningizimu Africa namanye amazwe. Abantu base Ningizimu Africa bahlezi lubhojozi ngenxa yabantu bangaphandle abangena kuleli lase Ningizimu Africa ngokungemthetho.

Iningi lalabantu bangaphandle ngabantu abayizigelekeqe njengoba babamba inkuzi bashushumbisa izidakamizwa neshushumbisa kwezingane.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.