
Umholi we DA, uJohn Steenhuisen usekhwele wadilika kuhulumeni obusayo weANC, ewusola ngokubulala ingqalasizinda enhlekazi yalelizwe. USteenhuisen ukusho lokhu ngesikhathi
Umholi weqembu le DA uJohn Steenhuisen udalule ukuthi iqembu le ANC libulele izinqalazinda eziningi ezinjenge migwaqo, amadilobha, ulayini wezitimela, nosekudale ukuthi umgwaqo omkhulu ofana no N3, N2 KwaZulu-Natal ubenesiminyaminya samaloli.
Lamaloli abulala umgwaqo kabi njengoba izimpahla bezithwalwa ngamaguzu kodwa ngenxa yokuthi abaholi be ANC banamaloli banquma ukubhidliza izinqalazinda ngobabecabangela izisu zabo kodwa abacabangi ngabantu base Ningizimu Africa.
Khonamanjalo uJohn Steenhuisen uphinde waveza ukuthi njengoba omasipala nohulumeni bengenzi kahle yingoba kuqashwe abantu abangalwazi lokuphatha nababangenawo amakhono ngoba kuqashwa ngepolitiki nangobungani nobuhlobo, wathi abantu base Ningizimu Africa mangabe befuna ushintsho mabavotele iDA, IFP, Action SA, ACDP, VF Plus, ISANCO. UIM, SNP,
Lamaqembu abumbe ubumbano lokusebenzisana ngenhloso yokubuyisela izigqalazizinda esimweni sazo, ukuvula amathuba omsebenzi amaningi, ukuqeda ubugebengu knaye nokwenza umsebenzi ngendlela efanelekile kubasebenzi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
