Uthi usathane udlalile ngaye owaduma ku Wits University

UJuniad Hurtley owagqama kakhulu ebholeni ngomjiko oyaphambili uthi usathane udlale ngaye. Lomdlali owaphinde wazifaka ezinhlelweni zabalandeli bebhola ngesikhathi eshaya uDoctor Khumalo imanta.

Ulanidsa ngeshobolo lakhe. “Ngaqala ngangembula ecasino ngatholana nabangani abambi nokulapho ngaqala ngangena ezidakamizweni. Ngemuva kwezinyanga ezintathu ngabe sengiyinhlwa ngingesenamali yaphela yonke.

“Kodwa kungaphumeki ezidakamizweni losathane ungibambile. ngizama ukuphuma kungaphumeki. Izidakamizwa zikushiya uhamba buze emhlabeni ngoba zikushiya ungenatwa, fuhti nje ngibonga umndeni wami owangitakulayo kulenkinga ngoba bengihamba emhlabeni.

“Kulula ukungena ezidakamizweni kodwa kulikhuni satshe ukuphuma kuzona. ” eqhuba.

UHurtley wadlalela amaqembu amaningi kuleli Wits University, Ajax Cape Town, ne Orlando Pirates. Ubengomunye wabadlali ekade bethembisa kakhulu ebholeni lakuleli kodwa wakhinyabezwa yizidakamizwa. Nginxusa abadlali bangangeni nhlobo kulokugibe lezidakamizwa. ngoba kunzima ukuphuma khona kodwa kube kulula ukungena khona.

Namaqembu ka PSL kumele ngempela aqinisekise ukuthi abadlali bayabahlola njalo. ngoba liyabhubha lelizwe yizidakamizwa.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.