
UNkosingiphile Sibisi uqophe umlando omusha eNingizimu Africa ngesikhathi enqoba ibhande ebilingaphethwe muntu le Fly weight ngomgqibelo ehholo lomphakathi eMtshezi. USibisi unqobe ngamaphuzu ku Trevor Nghonyama wase Malamulele eLimpompo.
USibisi ukhombise impi iqala ukuthi ukulambele ukunqoba lelibhande njengoba ebejikijela izibhakela ezinzima kakhulu. UNghonyama ubehlulwa ukuvala imvula yesibhakela ebezithunyelwa ngu Sibisi.
USibisi unqobe lempi ngaphandle kwamathandabuzo njengoba bonke abantu base Ningizimu Africa babonile ukuthi uSibisi unqobe kahle. Khona manjalo UNkosingiphile Sibisi ubenqoba ibhande lakhe lesibili ngaphansi kwe Hlula Dladla Boxing Promotion ne Hle Jobe Boxing Promotion neGym yase Mgodini eDundee.
USibisi ungene emlandweni wamabhokisa ase Ningizimu Africa angomphetha bamabhande amqoka. Kulindeleke ukuthi ahlale izinyanga eziyisithupha engalwi. UMama uHle Dladla ongumhleli wezimpi ze Hle Jobe Boxing Promotion ubongele amabhokisa ngokunqoba. waphinda wabonga bonke abantu ekade bebambe iqhaza elimqoka kulomgqudelwano. Uphinde wathembisa ukuthi kuseza lukhulu kakhulu kubantu base Mtshezi.
Abantu kade bephume ngobuningi njengoba kade ligcwe phama ihholo lomphakathi abanye baswele indawo yokuhlala.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
