Uthi angawuhola lomkhumbi we PSL

UJohn Comitis ongusihlalo we Cape Town City uthi ukulungele ukuthatha izintambo ngemuva ka Irvin Khoza ongusihlalo we Premier Soccer league ne Orlando Pirates. UJohn Comitis utshele uthi usesebenze noKhoza iminyaka engu 20 besondelene kakhulu naye kanti kuningi kakhulu akufunde ku Khoza ngebhola nokuphathwa kwalo, nakuba izicathulo zika Khoza zinkulu kodwa uthi unethemba ukuthi lokhu asifundise khona ngizosebenzisa khona.

I-PSL kumanje idinga ukwengeza abaxhasi kulaba enabo nokuthuthina kabusha isimo seligi njengoba lelizinga esikulona lehle kakhulu kumanje. Kuzomele abaphathi bamaqembu ku PSL balandele lemithetho yokusebenza ebekiwe, hlambe khona lapho sizoyichibiyela khona ngoba kukhona isimo esibi.

Abantu abaningi abakhala ngakho ngisho nasemazweni aphesheya, ukuxoshwa kwabaqeqeshi noma kanjani nokungakhokheli abadlali. Lokhu kuthunaza kakhulu isithunzi se PSL kuzomele sithuthukise izinkulisa zamaqembu kakhulu. Abadlali abaningi kuzomele baqhamuke kuzinkulisa zamaqembu njengoba noma ngabe ngubani ongumuntu wakuleli akaneme nhlobo ngabadlali bethu. ngenxa yezinga labo lokungadlali emaligini amakhulu.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.