
Sekuvele izikhalo ezishaqisayo ezivela kumaciko aseMvoti esola umasipala ngokuwavalela ngaphandle uma wenza imicimbi. UPhilisiwe Masikane ongunobhala wenhlangano yamaciko eMvoti Ccifsa, ubikile IBUNDA IZINDABA, ukuthi sebehluleke bancama ukuhlangabezana nezimfuno zabo ngaphansi komasipala waseMvoti.
Amaciko akhala ngokuthi umasipala uyishaya indiva indaba yamaciko aseMvoti kepha uma edinga izinto ezifuna amaciko baqasha abantu abangaphandle. “Umasipala awunayo indlela yokusebenza yamaciko aseMvoti namaphethelo kodwa unayo indlela yokuqasha amaciko aqhamuka ngaphandle.” kuphawula uMasikane
“Amaciko angaphansi kwamasipala waseMvoti maningi kakhulu kodwa lomasipala awunayo indlela yokusebenza nawo njengoba abaphathi bakamasipala abanawo amakhono okusebenza nalemboni yezobuciko.” eqhuba
Kuvela ukuthi lomasipala awunazo izinhlelo zokuthuthukisa amaciko kanti nezikhulu zibukeka zingazimisele ukushuntsa lokhu. Lesenzo sesidale ukuthi imboni yozobuciko ifuduleke ngokuthi amaciko aphume kulelidolobha elingenayo ipulani ngokuhlinzeka nezakhamuzi njengoba abaholi balomasipala abanawo amava.
Amaciko axhumana noSomlomo uMfundo Masondo kodwa wavele wawanekela izandla kanti noMeya ubukeka engazimisele ukusiza kulotalaku ngoba kunemibango eqenjini lakhe. Kuzokhumbuleka ukuthi omasipala abaningi basebenzisana kahle kakhulu namaciko ngoba banolwazi olunzulu ngemboni yezobuciko.
Umasipala waseMsinga ngomunye okhiqiza amaciko anohlonzo olunzulu eNingizimu Africa njengoba lomasipala unaso isabelo sezimali samaciko nabantu abasha.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
