UThulani Evolution Mbenge uqonda kabanzi ukunqoba ku Leandro

UThulani Mbenge uqonda kabanzi ngobumqoka bokuthi kumele bazinqobe izimpi zabo noThabiso Mchunu kumnyama kubomvu. UMbenge uzokhiphana amangwevu no
Leandro Fonseca wase Argentina ngolwesihlanu ebusuku Oliver Conversation Center eThekwini, zizoqala ebusuku ku SABC 2 ngo 10 ebusuku

UMbenge uzotholana phezulu no Leandro Fonseca wase Argentina onezimpi ezingu 20 osenqobe ezingu 18 wahlulwa eyodwa wadlala ngokulingana eyodwa. UThulani Mbenge owayengumpetha we IBO, ubona ukuthi yithuba elihle kakhulu kuyena lokubuyela esilinganisweni zomhlaba mangabe enqoba lempi ku Leandro Fonseca uzothola ithuba lobuyela kunombolo 10 emhlabeni aphinde athole ithuba lokuhlalela ibhande le WBC Silva.

UMbenge ungomunye wamabhokisa ahlonishwayo emhlabeni nakuleli njengoba useke wamela lelizwe kuma Commonwealth games. wanqoba isicoco somhlaba IBO. Khona manjalo uMbenge ubuye waveza ukungenami ngokuhlulwa kwakhe amahlandla amabili kulandelana.

Njengoba enhlulwe ngu Souleymane Sissokho wase France ngamaphuzu bebanga ibhande lomhlaba le WBC Silva. UMbenge ugcine ukungena eringini ngonyaka ka 2022. ngakho unonyaka wonke engadlali.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.