
Abadlali beqembu AmaZulu FC bazokwehliselwa imiholo maduze ngokusho komthombo ongaphakathi eqenjini. USandile Zungu ongumengameli weqembu AmaZulu FC uvele wabhoka ngolaka mangabe ebuzwa ukuthi ngabe kuyiqiniso yini lokhu okushiwo yintatheli kodwa uvele wathi yena iqembu uliphethe ngemali yakhe akaliphethe ngemali yabaxhasi.
Khona manjalo leliqembu kusanda kuvela ukuthi abaxhasi abadala beqembu AmaZulu FC, uSpar usaphuma kuleliqembu ngenxa yokungahlonishwa ngu Sandile Zungu, kuyavela ukuthi khona okushaya amanzi emsamo njengoba sekwehliswa imiholo yabadlali.
Iqembu AmaZulu FC lidonsa kanzima ezimalini njengamanje njengoba kukhona abadlali abahola kakhulu kube khona abahola kancane. Kumanje leliqembu liyaqhwashalaza emdlalweni ye Dstv Premiership njengoba lingabonwa emaqenjini ayisishiyangalombili.
Umqeqeshi waleliqembu uParbo Francisco Martin useqalile ukukhala manje njengoba imphumela iyamiphika kamuva. Ngabe uZungu uzomgcina mangabe kuphela isizini noma uzomdedela ngoba akalilindi ibhadi?
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
