
UThabiso “The Rock” Mchunu ubona inqayizivele yethuba elihle lokubuyela ekudlaleleni iWBC Silver. UMchunu ekhuluma uthi kuzoba mqoka kuyena ukunqoba lempi yangolwesihlanu ku Yamila Alberto Peralta wase Argentina. “Njengoba ngizoba ngidlala no Yamila kuzoba kwiyimpi emqoka kumina ngoba ngidinga amaphuzu azongingenisa kumabhokisa ayishumi agaqele lesicoco somhlaba.” kusho uMchunu.
UMchunu usesizame amahlandla amabili lesicoco se WBC Silver kodwa wahlulwa ngumuntu oyedwa ilungu Junior Makabu wase DRC Congo. UThabiso Mchunu kudala elalisa amadoda engandlalelwe phansi ku Canvas.
Uzodlala lela ekhaya okwesibili njengoba agcina ukudlala ngonyaka ka 2016 ICC. Izimpi eziningi zika Mchunu ziba phesheya kwezilwandle nase eGoli lapho egxile khona ngokomsebenzi. Kulezimpi kulindeleke ukuthi kugcwale kakhulu amabutho aka Ximba njengoba abantu bayamthanda kakhulu uMchunu kanti nabalandeli bamabhinca bazotheleka ngobuningi kusho umlandeli wokuqina wezamankomane uVusi Bophela.
Lezimpi zizoba ngolwesihlanu ebusuku ngo 10 Oliver Conversation Center enkabeni yedolobha laseThekwini.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
