Impicabadala ngokubulawa kwekhansela le-ABC kanye namalungu

Amaphoyisa aseSydenham, eThekwini, aphenya amacala amathathu okubulala ngemuva kokutholakala kwekhansela nabalisa ababili bonke abangamalungu e-Abantu Botho Congress (ABC), bebulewe endaweni yaseMngeni enyakatho yenkaba yeTheku ngempelasonto.

Ikhansela likaMasipala waseMdoni, uQedukwazi Mzimela, kubikwe ukuthi ulahlekile ngoMashi 15, belibangise eMhlanga namanye amadoda amabili. Ngokusho kwesithombe somuntu olahlekile esisabalele, laba bebehamba ngemoto yohlobo lweToyota Corolla emhlophe, kanti yize kutholakale umshini wokulandela umkhondo, imoto uqobo ayikaziwa. Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uLieutenant Colonel Nqobile Gwala uthe izidumbu ezimbili zabashonile zitholakale kuMgeni Road ngoMgqibelo. Womabili la madoda abenamanxeba okudutshulwa.

NgeSonto kutholwe isidumbu sesithathu kuyona le ndawo, naso sinenxeba lokudutshulwa. “Abashonile ngoSenzo Professor Ngema (34), Qedukwazi Mzimela (35) noHopewell Phumlani Mbutho (28). UNobhala Jikelele we-ABC, uPhumelele Phahla, udlulise amazwi enduduzo emindenini yabashonile, wathi: “Amazwi awakwazi ukuveza ukulahlekelwa kwethu.”

“UCllr Qedukwazi Mzimela, Phumlani Mbutho kanye noSenzo Ngema bebengamalungu e-ABC, abenokuma okuhle, abazohlala bekhunjulwa ngokukhuthala kwabo nobuholi bezisebenzi. I-ABC idlulisa amazwi enduduzo emindenini, abangani kanye namanye amalungu e-ABC,” kusho uPhahla. UPhahla unxuse abomthetho ukuthi bangashiyi lutho ekuqinisekiseni ukuthi abenzi bobubi bayaboshwa.

“Njengoba sililela amaqabane ethu nabangane, sinxusa zonke izinhlaka ezithintekayo kanjalo nabezindaba ukuba bavumele umthetho usebenze futhi banikeze imindeni ubumfihlo ngesikhathi befunela abathandekayo babo izimpendulo nobulungiswa. Sengathi imiphefumulo yabo ingalala ngokuthula. Hambani kahle bakhethwa, siyohlezi sinikhumbula” ephetha


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.